My Courses

Ukubhala i-eseyi / Indaba: IsiZulu Grade 10 – 12 Essay Guide

' src=

Ukubhala i-eseyi / Indaba: IsiZulu Grade 10 – 12 Essay Guide.

Iyini Indaba

Indaba ubhalo oluhlelekile olugxile isihlokweni esisodwa. Lo mbhalo wakhiwa ngezigaba, zonke ezigxile esihlokweni esikhulu.

UKUBHALWA KWENDABA/-ESEYI

Isingeniso:.

Bhala isingeniso esizokwethula ingqikithi yendaba.

Isingeniso sakho kumele sibe sifushane kepha sidle ngokujiya. Lesi sigaba yisona esibeka ngamafuphi ulwazi oluhambisana nesihloko obhala ngaso. Lapha ubeka umfundi wendaba yakho esithombeni ngozokhuluma ngakho ngokwesihloko.

Yethula umbono wakho kabanzi.

Kulesi sigatshana kumele indaba ihleleke ngokwezigaba ezilandelanayo. Yileso naleso sigaba kuba kuhle ukuba sibe nomusho osasihloko ukwehlukanisa umqondo wezigaba. Zama ukuchaza kabanzi umqondongqangi waleso naleso sigaba. Zama ukufaka nezibonelo uma zidingeka ukweseka umqondo wesigaba.

Sebenzisa imisho elekelela ukunikezelana kwezigaba

I-eseyi iyaye igeleze kamnandi uma kuwukuthi kusetshenziswa imisho elekelela ukunikezelana kwezigaba. Kuba umkhuba omuhle uma uxhumanisa izigaba zakho ngobuciko ukuze i-eseyi yakho izohleleka kahle. Kungasetshenziswa amagama afana nalawa alandelayo: Ngakho-ke; kwagcina, kufana, ngaphezu kwalokho…

Phetha ngesigaba esisongayo

Phetha ngokugcizelela umbono wakho ngokwesihloko obhala ngaso. Songa ngokuthi ubeke ukuthi kungani ubona ngale ndlela wena obona ngayo noma uphethe ngokugoqa umqondongqangi wendaba yakho.

Inqubo Yokubhala

Bheka umdwebo owethula inqubo yokubhala imibhalo bese ufunda amanothi angezansi achaza inqubo ngokugcwele:

Zilungiselele ngaphambi kokubhala.

•a ngenhloso yombhalo nezethameli zawo.

Veza izinhlaka zesakhiwo, isitayela nombono ngesihloko.

Thola amaphuzu ahambisana nesihloko, wahlele ngokuwabhala phansi. Yenza amalungiselelo angaba amaphuzu noma umdwebo osalulwembu.

Yakha izinhlaka zokuqala

Sebenzisa ngempumelelo imibono esemqoka nesekelayo etholakale lapho kulungiselwa ukubhala. Bhala indaba noma umbhalo ophelele ulandela amaphuzu owabhale kumalungiselelo. Nquma ngokukhethwa kwamagama anembayo, achazayo nemishwana ezokwenza ukuthi okubhalwayo kucace.

Qikelela ukuthi ithoni nerejista kuhambisana nezethameli kanye nenhloso yombhalo wakho.

Buyekeza, ufundisise ukuze ucacise

Fundisisa lokhu okubhalile ukuthola ukuthi kuyawakha yini umqondo

Lungisa Amaphutha

Hlolisisa umsebenzi wakho ukuze ulungise amaphutha okungaba ukukhethwa kwamagama, izimpawu zokuloba, isipelingi njl.

Yethula umkhiqizo wokugcina

Yiba nomkhiqizo osesigabeni esesikulungele ukufundwa bese uthola imiklomelo/amamaki

Looking for something specific?

Leave a comment.

Save my name, email, and website in this browser for the next time I comment.

You May Also Like

Bengithi Lizokuna Questions and Answers

Bengithi Lizokuna Grade 12 Novel Questions and Answers

IsiZulu HL Grade 12 June 2022 Question Papers and Memorandum pdf download

IsiZulu HL Grade 12 June 2022 Past Question Papers and Memorandum pdf download

IsiZulu First Additional Language CAPS Document for FET Phase Grade 10 – 12

IsiZulu First Additional Language FAL CAPS Document – Lesson Plans for FET Phase Grade 10 – 12

Izinkondlo Zesizulu Grade 12 Guide (Zulu Poetry)

Izinkondlo Zesizulu Grade 12 Guide (Zulu Poetry) pdf

grade 12 isizulu essays

IsiZulu Grade 12 Past Papers And Memos

  • Megan Dreyer
  • October 18, 2022

Curriculum Assessment Policy Statements (CAPS) 

An official policy statement governing instruction and learning in South African schools is known as the National Curriculum and Assessment Policy Statement. Every allowed subject for grades R through 12 is listed in the policy. The program and promotion standards for grades R through 12 are also included in the policy. Following are the IsiZulu curriculum and assessment policy statements:

  • IsiZulu Home Language 
  • IsiZulu First Additional Language
  • IsiZulu Second Additional Language 

Grade 12 – IsiZulu Study Guides 

  • Guideline for teaching and writing essays 
  • Writing creatively and analyzing language (IsiZulu) in 2020

IsiZulu Literature 

  • Novel: Impi yabomdabu
  • Poetry: Uju lwezinkondlo
  • Drama: Ubhuku Lwamanqe

IsiZulu Past Papers And Memorandums 

 

IsiZulu FAL P1 Memo 

IsiZulu FAL P2 Memo

IsiZulu FAL P3 

IsiZulu FAL P3 Memo 

IsiZulu HL P1 

IsiZulu HL P1 Memo

IsiZulu HL P2 

IsiZulu HL P2 Memo 

IsiZulu HL P3 

IsiZulu HL P3 Memo

IsiZulu FAL P3 

IsiZulu FAL P3 Memo 

 

IsiZulu SAL P1 

IsiZulu SAL P2 Memo

 

IsiZulu FAL P3 

IsiZulu FAL P3 Memo 

 

IsiZulu FAL P1 Memo 

IsiZulu FAL P3 Memo 

IsiZulu FAL P3 Memo 

Where Can I Find Other Past Papers?

  • Mathematics Literacy
  • Agricultural Science
  • Physical Science

Exam Preparation Tools 

  • 2020 revised curriculum 
  • How to prepare for your matric exam 
  • National Curriculum Statements (NCS)
  • Exam guidelines for 2020

Author: Arusha Fisher  Last Updated: March 25, 2024

Let us call you back

  • First Name *
  • Last Name *
  • Course Interested In * Choose A Course Accounting Courses Administration Courses Beauty Therapy Courses Bookkeeping Courses Child Care Courses Events Management Courses Financial Management Courses HR Management Courses ICB Study Programmes Interior Decorating & Design Courses Management Courses OHS Courses Photography Courses Project Management Courses Secretarial Courses Small Business Management Courses Supply Chain and Logistics Courses Tourism Courses Wedding Planning Courses CIMA

Recent Articles

Quick links, recent posts, sign up to our newsletter.

  • What Course Are You Interested In? * Adult Matric Matric Rewrite Matric Upgrade

grade 12 isizulu essays

Matric: IsiZulu

Last updated : december 1, 2023.

Grade 12 [Matric: IsiZulu] past papers and memos

Here is a list of IsiZulu study guides, past papers, memorandums and other resources to help you prepare for your exams. IsiZulu is taught as a Home Language(HL), A First Additional Home Language(FAL) or a Second Additional Language(SAL).

Curriculum Assessment Policy Statements (CAPS)

A National Curriculum and Assessment Policy Statement is an official policy document for learning and teaching in South African schools. The policy lists every approved subject for grades R – 12. The policy also includes the Programme and promotion requirements for grades R – 12. Here are the Curriculum and Assessment Policy Statements for IsiZulu: 

  • IsiZulu Home Language 
  • IsiZulu First Additional Language
  • IsiZulu Second Additional Language

IsiZulu study guides: Grade 12

  • 2020: Creative writing and critical language analysis (IsiZulu)
  • Guideline for teaching and writing essays

IsiZulu Literature

  • Drama: Ubhuku Lwamanqe
  • Novel: Impi yabomdabu
  • Poetry: Uju lwezinkondlo

Matric IsiZulu past papers and memos

Question paper 

  • IsiZulu FAL P1
  • IsiZulu FAL P2 
  • IsiZulu FAL P3
  • IsiZulu HL P1 
  • IsiZulu HL P2
  • IsiZulu HL P3  
  • IsiZulu SAL P1 
  • IsiZulu SAL P2
  • IsiZulu FAL P1 memo
  • IsiZulu FAL P2 memo
  • IsiZulu FAL P3 memo 
  • IsiZulu HL P1 memo 
  • IsiZulu HL P2 memo 
  • IsiZulu HL P3 memo 
  • IsiZulu SAL P1 memo  
  • life orientation subject
  • IsiZulu FAL P2  
  • IsiZulu FAL P3 memo  
  • IsiZulu HL P2 memo   IsiZulu HL P3 memo
  • IsiZulu HL P3 
  • IsiZulu HL P1 memo  
  • IsiZulu HL P2 memo  
  • IsiZulu HL P3 memo
  • IsiZulu HL P3 memo  
  • IsiZulu HL P1  

The following resources can also help you prepare for your exams.

  • 2020 revised curriculum  
  • Exam guidelines for 2020
  • National Curriculum Statements (NCS)
  • How to prepare for your matric exam

Author: Omega Fumba 

Last Updated: Sanel Van Staden,  6 September  2021

Modern Classroom

IsiZulu Grade 12 Study Guides Free Download

Looking for free IsiZulu Grade 12 study guides for revision studies? On this page, you will find free pdf study guides for IsiZulu Grade 12. Study guides are a one-stop resource, providing learners with all they need to pass their Grade 12 exams. Study guides help learners to revise and understand the IsiZulu subject content, and in this way, learners are more confident to face their exams. View all Grade 12 Study Guides here

Table of Contents

Video Lesson: IsiZulu Grade 12

List of IsiZulu Grade 12 Study Guides Free Download

Did you see these.

  • English Grade 12 Study Guides Free Download
  • XiTsonga Grade 12 Study Guides Free Download
  • Tourism Grade 12 Study Guides Free Download
  • IsiZulu FAL Grade 12 Annual Teaching Plan (ATP) for 2023
  • TshiVenda Grade 12 Study Guides Free Download
  • Mathematical Literacy Grade 12 Study Guides Free Download
  • IsiXhosa Grade 12 Study Guides Free Download
  • Afrikaans Grade 12 Study Guides Free Download

Leave a Comment Cancel reply

Save my name, email, and website in this browser for the next time I comment.

distinctionpass.com

  • Latest Resources
  • Quick Links

Izinhlobo Zezindaba Nezimpawu Zazo IsiZulu Grade 10 – 12

' src=

Izinhlobo Zezindaba Nezimpawu Zazo IsiZulu Grade 10 – 12

INDABA ELANDISAYO (Narrative essay Examples)

Kule ndaba ulindeleke ukuba uxoxe ngesigameko esake senzaka kuwe, oke wasibona senzeka komunye noma owaxoxelwa ngaso. Kuyenzeka ubhale indaba oyisusela ekhanda. Lokho siyakuthola kwenzeka kakhulu kubafundi (ezikoleni). Kubalulekile ukuba ubhale indaba oyisusela ekhanda kube yindaba ekholakalayo. Sebenzisa inkathi edlule uma uxoxa indaba.

Kumele umfundi acabange ngalokhu okulandelayo lapho ebhala indaba elandayo:

  • Isigaba esiyisingeniso kufanele sibe sifushane sihehe ngokwethula indaba ngamafuphi.
  • Indaba elandisayo kufanele ikholakale nakuba kungeyokuziqambela.
  • Umuntu ofunda le ndaba kufanele ahlale elangazelele ukuzwa okulandelayo kuze kube sekugcineni.
  • Ukulanda okuyimpumelelo kugqamisa ngokusobala imizwa, efana neyokubona, eyokuzwa, eyokunambitha, eyokuhogela naleyo yokuthinta.
  • Indaba enesiphetho esingajwayelekile iba nesasasa kunaleyo enesiphetho esisobala futhi esilindelekile.

Ukube Ngangazi Ngabe… (Narrative Essay Topic)

Ukube ngangazi ngabe angivumelanga ukuhluthuka kwenhliziyo ngize ngenze into enje. Kuthe mhla zingama- 20 kuNhlangulana ngonyaka wezi-2020 ngangizihlalele endlini yokufundela engasesandleni sokunxele uma ungena ngesango elingenela eNyuvesi yakwaZulu. Kwakhala ucingo olwaluqhamuka ekhaya lungibikela ngokugula kukamama ongizalayo intombi yaseMaChunwinini okungaqondakali.

Ngezwa kuduma ikhanda kwaba sengathi ngilele ngiyaphupha. Kwaba nzima ngalolo suku ngoba ngangingenayo ngisho indibilishi yokugibela ibhasi elibheke eMatuba ngangizolikhokhela ngoThoko yini. Ngezwa kuxega amadolo, ngafikelwa yinzululwane, ngavele ngahlala phansi. Ngazama ukuthatha umakhalekhukhwini wokushayela uBheka umngani wami owayesavakashele ngasedolobheni eMpangeni. Phela lapha eNyuvesi ngenye indawo. Umuntu wenza lokho athanda ukukwenza ngesikhathi asithandayo angakhuzwa muntu. Nami ngangizama ukufunda ngoba ngiqhutshwa yilezi zindlu zasekhaya ezigcwele igceke okwakusafanele ngizilungise.

Ngenhlanhla uBheka wabe esebambe itekisi elibuyayo ngenkathi ethola ucingo lwami. Yayisizofika emasangweni enyuvesi itekisi wehla maqede wanikela lapho engabe ngihlezi khona. Ngamlandisa ngocingo oluvela ekhaya wabe esenginikeza imadlana yokugcina eyayisele ngenkathi ethenga edolobheni. Ngasukuma

Microsoft Word – IsiZulu 17:11.docx

ngaqoqa izintwana engangizozidinga amabombo ngawabhekisa esiteshini eMpangeni nokuyilapho okugitshelwa khona amatekisi namabhasi. Ngenhlanhla ngalithola ibhasi lokugcina elibhalwe ukuthi Zungu Motor Service, leli yibhasi elalihamba lize liyolala kwaNongoma. Lashosholoza njalo ledlula eNseleni laze liyodlula kwaMbonambi. Kwathi kushaya ihora lesi-6 ntambama labe lingena edolobheni eMtuba.

Ngacela umshayeli ukuthi angishiye emgwaqeni omkhulu ngoba kwase kuhlwile ngingeke ngisazithola izimoto ezidlula eNkodibe zilibhekise ngaseMayini yamalahle. Umuzi wakithi wakhe eMachibini ngaphansi kwentaba iThokazi. Ngehla, ngalibashuza ngezinyawo ngaba nenhlanhla yokuthola iveni elalivuleke phezulu elangehlisa ngaphansi kwentaba. Ngawela umfula owawunamanzi angemaningi kakhulu kwazise belikade liyidliva imvula. Ngathi nje ngisaqala intaba leyo ngethuswa ukuqhuma kwesililo okwezwakala maqedane kwabanda kwamancane. Ngase ngizihudula nangenkathi ngizama ukuhamba ngisheshe sekuxega namadolo.

Angivunyelwanga ukungena endlini lapho ayeselele khona okaMacingwane. Ngadonswa ngubabekazi wangihola njalo wayongifaka elawini lami. Ngasikhihla esikaNandi ngomama ongasezukungibona sengigqoka ijazi lemfundo. Bangilandisa ukuthi umama kade esenenkinga yokuphefumula ekhala ngekhanda ejuluka ekhishwa nayisisu. Ubengasakuthandisisi ukudla ethi kumnukela kabi kuvele kuthi akabuyise. Babemzama ngokumbilisela umsuzwane. Amazwi akhe okugcina wabiza uMaNtombela okungumakhelwane wethu oyinesi esibhedlela kwaHlabisa kwaba ukuphangalala kwakhe njalo.

Ngenkathi kusuka isidumo umndeni wonke wathi mbo endlini lapho kushonele khona umama. Babezigingqa phansi naphezu kwakhe umta kaMaCingwane. Pho wayesabona yini ngoba wayesehambile. Lathi lishona elangakusasa base bebika imiphimbo ebuhlungu namakhanda aqaqambayo bonke lapha ekhaya. Kwaqala uthunjana wakwethu wajuluka wancisheka umoya akwabe kusaphefumuleka, sabathe siyazama kwanhlanga zimuka nomoya. Kwafika i-ambulensi ngemuva kwendaba wayesehambile emhlabeni umtakababa. Ayihambanga ilambatha yayisithwele amalunga omndeni ayesezibhonqa.

Ngakhumbula ukuthi kuthiwa umama ubize uMaNtombela okungumakhelwane wethu. Ngalinda lashona maqedane ngawokhela ngomlilo umuzi wonke akusindanga noyedwa. Njengoba ngiseselini nje, ngidonsa iminyaka engamashumi amathathu. Sengibona ezindabeni ukuthi umndeni wakithi kutholakale ukuthi ubhuqabhuqwe yigciwane le khorona ngemuva kokwenziwa kocwaningo lwezidumbu.

INDABA ECHAZAYO (Descriptive essay)

Kule ndaba, mfundi chaza isimo esithile, umuntu othile noma indawo ethile. Njengoba isihloko sisho, kumele usebenzise amagama achazayo kule ndaba. Ngale kwalokho usebenzisa kakhulu inkathi yamanje.

Mfundi cabanga ngalokhu okulandelayo lapho ubhala indaba echazayo:

  • Qikelele ukuthi ukhetha isihloko osazi kahle. Isizathu ukuthi kulukhuni ukuchaza into ungenalo ulwazi oluphelele ngayo.
  • Khetha ngokucophelela amagama nezimo zokukhuluma.
  • Amagama asetshenziswa awakhe isithombe esikhanya bha.
  • Ungasebenzisa imifanekisomqondo yokubona, yokuhogela, yokuzwa, yokunambitha kanye neyokuthinta ukuze ikulekelele ukwenza okuchazayo kukhanye bha.

Isibonelo sendaba echazayo

Umyalelo Bhala indaba ngesihloko esithi: Impumelelo Ilele Ekubambisaneni

Amalungiselelo: Isingeniso: Amasongo akhala emabili Umzimba:

  • Kuhlonishwana kabili.
  • Ibaluleke ngani inhlonipho?
  • Ukubambisana kubafundi nothisha.
  • Ukubambisana kubafundi nabazali.
  • Ukubambisana kwesikole nesigungu saso.
  • Ukubambisana kwesikole nomphakathi wonke. Isiphetho: isikole esiphumelelayo yileso esinokubambisano.

Amasongo Akhala Emabili Kule ndaba ngizochaza ngobuhle bokubambisana nokusebenzisana kahle ukuze kube nempumelelo. Izandla ziyagezana, okukhomba lona njalo ubambiswano. Lokhu ngizokubhekisa kakhulu ezikoleni eziphumelelayo. Woza nendlebe ngize nendaba.

IsiZulu sithi kuhlonishwana kabili, umfundi kufanele amazise uthisha njengomsiza wakhe ezifundweni nasenhlalweni nje. Esikoleni abafundi kumele babe ngabafundi ngokuphelele futhi kungangabazeki lokho. Uthisha naye akafundise abambisane nabafundi ngokuphelele. Ukubambisana phakathi kukathisha nomfundi akungabazisi ukuthi kungathela izithelo ezinhle. Kubalulekile ukuthi umfundi nothisha babambisane emfundweni futhi bazimisele ngeqhaza abalibambile.

Abafundi bebodwa nabo kumele babambisane ekufundeni. Ukuhloniphana kwabo bebodwa kwenza ukuthi babe nokwazisana nokwethembana. Ukwazisana kuholela ekuthini balekelelane, ekufundeni kwabo. Babambisana njengamalunga omndeni, kungabi bikho obukela omunye phansi. Esikoleni yilapho kufanele khona ukuthi kukhuthazwe ukubambisana nokwazisana ngoba phela isiZulu sithi libunjwa liseva. Uma umuntu engafundanga ukubambisana nokusizana nabanye esemncane, kuba bukhuni satshe uma kuthiwa akenze njalo esemdala.

Singebashiye ngaphandle abazali ngoba nabo baneqhaza elikhulu entuthukweni yesikole. Abafundi basuka kubazali beya esikoleni. Abazali banethemba elikhulu lokuthi abantwana babo bangenza okungcono ukukhuphula izinga lempilo yabo. Kufanele abazali bazi ukuthi nabo baneqhaza elikhulu okufanele balibambe ekuphumeleleni kwezingane zabo. Abangabeki lonke ithemba labo kothisha. Kepha kufanela babambisane nothisha kanye nezingane zabo. Abazali kumele balandelele ukuthi izingane ziwenza kahle yini umsebenzi wesikole. Abanye abazali bayakwazi nokulekelela umfundi ekukhetheni umkhakha okufanele awufundele ngokubheka amakhono umfundi anawo.

Ukubambisana kwesikole nesigungu sesikole kusiza kakhulu ekusithuthukiseni isikole kuyo yonke imikhakha. Isikole esinesigungu esisinakayo siba namagumbi okufundela enele, izinsizakufunda ezenele, ukuvikeleka okufanele, kwesinye isikhathi size sibheke nokuthi othisha benele na. Uma kunesidingo kuze kuqashwe uthisha ozobambisa, ngoba bekhathalela isikole, nokuthi kungabi bikho izingane ezizohlala zingafundi. Uthishanhloko uyena odala ukubambisana phakathi kwesikole nesigungu sesikole. Lokhu kwenza ukuthi kube khona ukuxhumana okuhle esikoleni kusuka kuthishanhloko, othisha nabafundi.

Othisha nabo kumele bazinike ithuba lokuxoxisana nabazali babafundi. Lokho kubambisana kwabo bobabili kuyasiza ngoba bagcina sebemazi kangcono umfundi. Uthisha uthola zonke izingqinamba umfundi abhekene nazo. Kanjalo nomzali uyazithola izingqinamba ezibhekene nengane yakhe esikoleni. Lokhu kugcina kubasiza ekutholeni isisombululo sezinkinga abanazo ngomfundi. Leso sisombululo futhi asimcindezeli umfundi.

Umphakathi owakhele isikole nawo ubalulekile ngoba noma ungashongo lutho kodwa uneso elibanzi esikoleni. Ake ucabange nje isikole esisepulazini kodwa singasifundisi isifundo sezolimo. Lokho kungasho ukuthi izingane zaleyo ndawo angeke zikwazi ukuthuthukisa ezolimo ekubeni zibe ziphila ngakho ukulima. Umphakathi ubhekelela ukuthi othisha bangahlukumezeki. Umphakathi uyaziqhenya ngesikole sasendaweni uma senza kahle, ikakhulukazi uma sinemiphumela emihle. Amalunga omphakathi angomacaphuna kusale awenqeni ukuthi anikele ngemali ukuxhasa isikole esisebenza kahle.

Impumelelo yesikole iba sekubambisaneni kwazo zonke izinhlaka ezisesikoleni. Ukubambisana yikhona okuchumisa isikole. (Amagama =390)

INDABA ENINGAYO NOMA ECABANGISISAYO (Reflective essay)

Kule ndaba ucabanga ngombono ubuye unikeze impendulo yakho. Kumele ujeqeze emuva esigamekweni esike senzeka. Beka imibono yakho ngokwenzekile, acacise okuhle namaphutha bese wenza izincomo ngokuthi kufanele kwenziwe njani ukuguqula isimo salokho ngokuzwayo.

Beka uvo lwakho ngesihloko esithile. Akusho ukuthi akushoyo kuliqiniso kepha yilokho akucabangayo ngabantu, ngesintu noma ngempilo nje. Lokho akubekayo kuhle kusekelwe ngamaqiniso ukuze kungamdini lowo ozofunda indaba. Indaba enje ingaveza ukujula komqondo wombhali futhi abaningi bayithatha njengeqiniso langempela.

Mfundi nakhu okulindeleke kuwe uma ubhala indaba eningayo

  • Indaba eningayo yenganyelwa yinto noma abantu.
  • Imizwa nokuthatheka kwenhliziyo kubamba iqhaza elibalulekile kakhulu kule ndaba.
  • Ingxenye enkulu yendaba ingaba ngechazayo. Lokhu kuchaza kufanele kukhanye futhi kuveze imizwa kanye nenkumbulo yomlobi lowo.
  • Imibono/imicabango eveziwe kufanele yembule ubuqiniso kanye neqhaza elibanjwa umlobi. Isibonelo sesihloko sendaba eningayo/Ecabangisisayo: Ukukhuliswa Kwakhe Kube Nomthelela Wokuhlukumeza Abanye Abafundi Amalungiselelo Isingeniso: Indlela yokukhuliswa ingakwakha noma ikulimaze empilweni.
  • Ukukhuliswa okungenalo uthando nobuntu.
  • Umphumela wokungakhuliswa kahle.
  • Umthelela wokukhuliswa ngokungeyikho.

Okungenziwa ukuvuselela ubuntu nokuvikela abangenawo amandla.

INDABA EQHATHANISAYO (Discursive essay)

Le ndaba ihlobene kakhulu nendaba edaza inkani. Okufanayo ukuthi kuzo zombili lezi zinhlobo ubeka imibono yakho. Umehluko okhona ukuthi endabeni eqhathanisayo kulindeleke ukuba ubhale ngezinhlangothi zombili. Kulindeke ukuba uveze ubuhle kanye nobubi, ugxeke uphinde uncome lokho oxoxa ngakho. Okumnandi ngalolu hlobo lwendaba ukuthi ushiyela kumfundi wendaba ukuba azithathele yena isinqumo ukuthi yiluphi uhlangothi alibona lingcono kunolunye.

  • Veze izinhlangothi ezimbili eziqophisanayo ngokulandela, okungaba ububi kanye nobuhle bento ethile.
  • Yethula izinhlangothi ezimbili esingenisweni sendaba obhala ngayo.
  • Bhala ukuthi uzokwethula kanjani lokhu kuqophisana okuveze esingenisweni. Okujwayelekile ukuba usho ukuthi uzoqala ngamaphuzu avuna noma atusa lokho obhala ngakho kulandele ukuphikisa noma ugxeka lokho okhuluma ngakho.
  • Esiphethweni kulindeleke ukuthi wena ukhetha luphi uhlangothi kulezi zindaba.

Isibonelo sendaba eqhathanisayo

Ubuhle Nobungozi Bokuwina Imali Eningi Kakhulu.

Izimpendulo zingathinta amaphuzu alandelayo:

Isingeniso:

Ukuhlukana kwemibono yabantu

  • Ungakwazi ukuthenga yonke into oyifunayo noyidingayo.
  • Ungasiza umndeni kanye nabanye abantu.
  • Ungahlonishwa ngabanye abantu. Ubungozi:
  • Ungahlaselwa yizigebengu.
  • Ungaba nezitha eziningi.

Ungangakwazi ukuphila kahle nabanye abantu. (Nokunye okuhambisana nesihloko.)

Ukusonga indaba yakho ngamaphuzu ngemisho eqoqa yonke indaba. Ukuveza imibono nona iziyalo.

INDABA EDAZA INKANI (Argumentative essay)

Kule ndaba edaza inkani mfundi qala ngokukhetha uhlangothi ovumelana nalo esihlokweni obhala ngaso. Ungavumelana noma uphikisane nesihloko.

• Yethula esingenisweni uhlangothi olulodwa ozogxila kulo. Emzimbeni wendaba yenaba ngamaphuzu asekela uhlangothi olukhethile esingenisweni.

• Cacisa esiphethweni ohlangothini olukheni.

Isibonelo sendaba edaza inkani

Isifo Esingiphethe Siyimfihlo Yami

1. Amalungiselelo/ uhlaka (uma umfundi ephikisana nesihloko)

Isingeniso : Isethulo

Ukuphikisana nesihloko.

  • Ukufihla isifo esikuphethe kwenza ungakutholi ukwesekwa.
  • Ulahlekelwa usizo obungaluthola.
  • Ukugula kwakho kuba nomthelela kwabanye abantu.
  • Ukuqinisa abanye abagulayo. Isiphetho : Songa ngokugxeka ukufihla ukugula kwakho.

Looking for something specific?

Related posts, ingxoxo / inkulumo mpendulwano isizulu (isibonelo).

Ingxoxo / Inkulumo Mpendulwano IsiZulu (Isibonelo) Nazi izinto okufanele uziqaphele uma ubhala ingxoxo/inkulumo-mpendulwano: Umyalelo: Bhala Ingxoxo/inkulumompendulwano phakathi kukathishomkhulu, umzali kanye nomfundi, mayelana nokungasigcini isikhathi...

Previous Story

Novel: Tibopho Telutsandvo Siswati Grade 12: Mind the Gap Guide pdf download

Xikombiso xa mepe wa miehleketo.

Clickcease

IsiZulu FAL Study Guides

2022 study guides, the study guides from 2022 are still applicable for 2024, as the dbe has not made any updates for 2024..

Download on the

Google Play

© 2023 hlayiso.com

You are using an outdated browser. Please upgrade your browser or activate Google Chrome Frame to improve your experience.

WCED - eResources

2022 DBE Self-study Guides Gr. 10 - 12 IsiZulu

This study guide is intended to serve as a resource for teachers and learners. It provides notes, examples, problem-solving exercises with solutions and examples of practical activities.

Do you have an educational app, video, ebook, course or eResource?

Contribute to the Western Cape Education Department's ePortal to make a difference.

grade 12 isizulu essays

Home Contact us Terms of Use Privacy Policy Western Cape Government © 2024. All rights reserved.

grade 12 isizulu essays

IMAGES

  1. ISIZULU HOME LANGUAGE GRADE 12 : PAPER 1 REVISION

    grade 12 isizulu essays

  2. Isizulu HL Grade 12 JIT 2024

    grade 12 isizulu essays

  3. New Generation Isizulu Esicwengelike Grade 12 Learner Book

    grade 12 isizulu essays

  4. Grade 12 IsiZulu First Additional Language Past Paper

    grade 12 isizulu essays

  5. Grade 12 IsiXhosa First Additional Language Past Paper

    grade 12 isizulu essays

  6. Grade 12 Isizulu Study Guide 2021-2023

    grade 12 isizulu essays

COMMENTS

  1. Grade 12 essays list funda ama essays aka grade 12

    Grade 12 essays for 2021 in south africa. Abafundi baka grade 12 bake banikwe ama essays esizulu ukuze bagcweke ngolimu lwebele. Uma uloba lama essays ayizindatshana ezisiyiqephu kumele , uqephuze ngolimu lwakho, ubhale ufake izisho, izaga, nako konke ukunotha kolimu, lokho kuzokwenza abamakayo babone ukuthi isizulu usikhipha ngamakhala, kukho ...

  2. inkulumo elungiselelwe grade 12 topics list of topics for zulu essays

    inkulumo elungiselelwe grade 12 topics here is a list of topics for grade 12 inkulumo elungiselwe. If your topic is not on the list let us know, we will update our topics. These are oral topics. Inkulumo elungiselelwe isibonelo lapha ngezansi uzothola izibonelo zenkulumo oyilungisele ukuyikhuluma ekilasini lapho laka grade 9, grade 10, grade 11 ...

  3. iSiZulu Grade 12 Past Exam Papers and Memos

    iSiZulu Grade 12 Past Exam Papers Welcome to the GRADE 12 iSiZULU Past Exam Paper Page. Here, you'll find a comprehensive range of grade 12 past year exam papers and memos, ranging from 2024 to as far back as 2009.

  4. Ukubhala i-eseyi / Indaba: IsiZulu Grade 10

    Ukubhala i-eseyi / Indaba: IsiZulu Grade 10 - 12 Essay Guide.

  5. IsiZulu Grade 12 Past Papers And Memos

    Grade 12 - IsiZulu Study Guides Guideline for teaching and writing essays Writing creatively and analyzing language (IsiZulu) in 2020

  6. IsiZulu study guides: Grade 12

    Matric: IsiZulu. Here is a list of IsiZulu study guides, past papers, memorandums and other resources to help you prepare for your exams. IsiZulu is taught as a Home Language (HL), A First Additional Home Language (FAL) or a Second Additional Language (SAL).

  7. IsiZulu Language Grade 12 for 2022, 2021, 2020 Exemplars, Past Exam

    Past Exam Papers for IsiZulu Language Grade 12 include February/March, June, September, and November the following years: 2022, 2021, 2020, 2019, 2018, 2017, and 2016. Papers in English and Afrikaans languages for Paper 1, and Paper 2.

  8. PDF Graad 12 National Senior Certificate Ibanga Le-12

    IBANGA LE-12. ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LESIBILI (P2) 2018AMAMAKI: 80ISIKHATHI: Ama. angama-34.IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYOFundisisa kahle imi.

  9. IsiZulu Grade 12 2020 Final Exam Papers and Memo

    IsiZulu Grade 12 2020 Final Exam Paper and Memo (November): Paper 1, Paper 2, Paper 3, FAL: List of IsiZulu Grade 12 2020 Final Exam Papers and Memos (November) Hello Grade 12 Learners. Modern Classroom has everything for you needed to pass your matric exams, tests, assessments, research tasks and assignments under CAPS Curriculum. Feel ... <a title="IsiZulu Grade 12 2020 Final Exam Papers and ...

  10. iSiZulu Grade 12 Past Exam Papers and Memos

    6 August 2024 - iSiZulu Grade 12 past exam papers and memos from 2024 to 2009. Find Grade 12 iSiZulu HL, FAL and SAL past papers, study guides, answer books and memos.

  11. IsiZulu Grade 12 Past Exam Papers and Memos pdf

    Grade 12 IsiZulu Second Additional Language (SAL) Paper 1: Nov 2021 - The question paper for the first paper of the Nov 2021 exam. Paper 3: Nov 2021 MG - The memo for the third paper of the Nov 2021 exam. June 2023 Papers Grade 12 IsiZulu First Additional Language (FAL) Paper 1: May/June 2023 MG - The memo for the May/June 2023 exam. Paper ...

  12. IsiZulu Grade 12 Study Guides Free Download

    On this page, you will find free pdf study guides for IsiZulu Grade 12. Study guides are a one-stop resource, providing learners with all they need to pass their Grade 12 exams. Study guides help learners to revise and understand the IsiZulu subject content, and in this way, learners are more confident to face their exams.

  13. Izinhlobo Zezindaba Nezimpawu Zazo IsiZulu Grade 10

    Izinhlobo Zezindaba Nezimpawu Zazo IsiZulu Grade 10 - 12 INDABA ELANDISAYO (Narrative essay Examples) Kule ndaba ulindeleke ukuba uxoxe ngesigameko esake senzaka kuwe, oke wasibona senzeka komunye noma owaxoxelwa ngaso. Kuyenzeka ubhale indaba oyisusela ekhanda. Lokho siyakuthola kwenzeka kakhulu kubafundi (ezikoleni). Kubalulekile ukuba ubhale indaba oyisusela ekhanda kube yindaba ...

  14. Grade 12 IsiZulu FAL Study Guides

    IsiZulu FAL Study Guides 2022 Study Guides The study guides from 2022 are still applicable for 2024, as the DBE has not made any updates for 2024. Writing Essays and Transactional Texts

  15. PDF Isizulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza: Iphepha I Isizulu First Additional

    ile. Izifundo zakhe azihambi kahle. Usezobhala ukuhlolwa kokuphela konyaka kodwa uyazizwa ukuthi akakafundi kahle. Nobaba wakhe umfaka ingcindezi enkulu ekhaya. Umama wakhe wahamba emhlabeni uVusi esakhasa. Okubuhlungu ukuthi uVusi ufunda ngokuzimisela kodwa imiphumela yakhe ayihambisani nokufunda kwakhe. Le nto imphatha kabi kakhulu uma ebona abanye abafundi

  16. PDF Izwekazi lase-Afrika libhekene nenselelo yokuzibhekela lona ukuphatheka

    Iphinde isebenzise isaga. (kwazise ayihlatshwa mvusi) ukucacisa ukuthi ngemfundo yayo kusizakala abanye abantu ababengenalo ulwazi bese iyaneliseka. Umfanekisomqondo wokunambithekayo uvela lapho ethi, 'Uma sengincele ngadela.'. Igama, 'ukuncela', lichaza ukuthola ulwazi olunzulu osuke uludinga.

  17. NSC May/June 2024: ISIZULU HL P3

    Grade 12 learners will benefit greatly when using it as part of their examination preparation. ... NSC May/June 2024: ISIZULU HL P3 . Free . By. Department of Basic Education (DBE) Download. Type: pdf . Size: 0.22MB . Share this content. This is the NSC May/ June 2024 question paper for the supplementary National Senior Certificate Exam. ...

  18. IsiZulu Essay Writing| Grade 12| IsiZulu home language| IsiZulu First

    Are you doing IsiZulu home language or first additional language? Watch this video for assistance in both Zulu FAL and Zulu HL for grade 12.#isizulu #zulu #l...

  19. Grade 12 Isizulu HL

    About this app. Safety starts with understanding how developers collect and share your data. Data privacy and security practices may vary based on your use, region, and age. The developer provided this information and may update it over time. Mobile application for Isizulu HL (NSC) subject with useful study materials.

  20. PDF ISIZULU

    Ngale ncwadi uMnyango uhlose ukwelekelela abafundi nothisha bamabanga 10-12 emshikashikeni wokufunda nokufundisa okuqanjiwe okuyizindaba neziqephu ezedlulisa imiyalezo.

  21. Isizulu HL Grade 12 Jit 2024

    Isizulu Hl Grade 12 Jit 2024 - Free download as PDF File (.pdf), Text File (.txt) or read online for free.

  22. Ithala Edu Platform

    Powered By Ithala SOC Limited https://www.myithala.co.za/In response to Covid-19, Grade 12 online and radio curriculum support. We have tutors ready to suppo...

  23. 2022 DBE Self-study Guides Gr. 10

    This study guide is intended to serve as a resource for teachers and learners. It provides notes, examples, problem-solving exercises with solutions and examples of practical activities.